Imfihlo Kagogo Ruby
Chris van Wyk
Synopsis
UChris uthanda uGogo wakhe uRuby. Uthanda ukuvakashela emzini wakhe aye kocosha amajingijolo engadini futhi bancokole bacule nabazala bakhe. UChris uthanda kakhulu ukuhamba noGogo Ruby baye edolobheni ukuze azothola ithuba lokuzikhethela izincwadi esitolo sezincwadi ezingamasekeni kumbe esezisebenzile. Kepha ngelinye ilanga uChris wathola ukuthi uGogo Ruby unemfihlo.